UKUKHOLWA NGU JESU KRISTU KWENZA UKUTHI IBANDLA LITHOLE  IZIBUSISO ZIKAMOYA EZIVELA KUNKULUNKULU

Written by:

Ephesians 1:3

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,

UMphostoli uPawula usibhalele incwadi yabase Efesu Bokuqala ( Ephesians 1) ukuze Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sizazi ukuthi singobani Ku Nkulunkulu.

Umuntu udalwe  ngomfanekiso kaNkulunkulu.

Genesis 1:27

UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

UNkulunkulu akafi. Uphila ingunaphakade.Uma umuntu edalwe ngomfanekiso  ka Nkulunkulu akufanele ukuthi ngabe uyafa.Kodwa ngenxa yesono umuntu uyafa.Ukufa kumenza umuntu angabi ngumfanekiso ka Nkulunkulu ngokuphelele.Isonto senza umuntu abhubhe kuze kube phakade.Kanti uNkulunkulu uphila ingunaphakade.

Umuntu ungu:        

1.Mzimba ( Body )

2.Mphefumulo ( Soul )

3.Moya ( Spirit )           

Bobathathu laba bakha isidalwa esingumuntu.                          

Ngemuva kokufa, izibusiso  zangokomoya zenza umuntu abuyele abe ngumfanekiso ka Nkulunkulu,abe nokuphila okuphakade.Izibusiso zangoko moya zenza ukuthi umuntu ongu mzimba,nomphefumulo nomoya ofayo ngenxa yesono angabesafa. U Jesu Kristu uphila  kumuntu obefile amenze aphile ingunaphakade.

John 11:25-26

UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

UJesu Kristu ufile ukuze umuntu okholwa nguye angabesafa kodwa abe nokuphila okuphakade.

( OUR FAITH IN JESUS CHRIST ENABLES THE CHURCH TO RECEIVE THE SPIRITUAL BLESSINGS FROM GOD )

Thinasonke siyi Bandla likaNkulunkulu sibusisiwe ngezibusiso ZONKE zokomoya.Izibusiso zikamoya ziyinsindiso  esiyithola ngokukholwa ngu Jesu Kristu.

Izibusiso zikamoya ziwumusa ovela kuNkulunkulu awunika i Bandla ngenxa yobuhlobo iBandla elinabo noNkulunkulu. UJesu Kristu wenza ukuba i Bandla libuyisane noNkulunkulu ,libe nobuhlobo obuhle naye, ubudlelwano obuhle  ingunaphakade . Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu ngenxa ka Kristu asisekuphinde sibe yizitha zika Nkulunkulu.UMmeli wethu uJesu Kristu usimele “forever”.

Izibusiso zikamoya zahlukile  ezibusisweni zezinto  ezibonakalayo. Izibusiso zikamoya  zigxile ekubusiseni umoya,umphefumulo nomzimba onenkazimulo Ka Nkulunkulu.Zifaka phakathi izipho zikamoya:

1. NeNsindiso,

2. UMoya oNgcwele,

3. Ukuphila okuphakade okutholwa ngabantwana bakaNkulunkulu,

4. Isibusiso somoya sifaka  nezithelo zoMoya” njengokuthula, injabulo, nothando.

When it comes to the spiritual blessings we are completely blssed.Do not doubt your salvation .As long as we believe in Jesus Christ we are saved and we are going to heaven  .

Ephesians 1:5

wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Isibusiso sokomoya senza ukuba uNkulunkulu asamukele  sibe ngabantwana Bakhe. UNkulunkulu akasikhethanga nje kuphela ukuba sibe ngcwele, kodwa usinika isimo esigcwele sokuba  ngabantwana Baka Nkulunkulu., Ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu kuza nazo zonke izinzuzo zakho.

John 1:12

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,Uma sikholwa yivangeli, sithola ukufinyelela okugcwele kuBaba, sikwazi ukumbiza njengabantwana Bakhe.

Ephesians 1:4

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe

Thinasonke siyi Bandla, uNkulunkulu wasikhetha umhlaba ungakabibikho.

YINI EYENZA UKUTHI UNKULUNKULU KUTHI UMHLABA UNGAKABIBIKHO  ASIKHETHE ” OUT OF SO MANY PEOPLE” ABAKHONA EMHLABENI?

1. UNkulunkulu wasikhetha ngoba esithanda.Ukusithanda kwakhe kwamenza wasikhethela ukuba sibe nabantwana bakhe.UNkulunkulu wasithanda kuqala thina singakamthandi.

John 3 : 16

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

2.Okwesibili Okwenza asikhethele kuye wukuthi : NGATHI siyiBandla  uNkulunkulu udala  isizwe esingcwele,isizwe esizophila noNkulunkulu ingunaphakade.Ngegazi lika Jesu Kristu elachitheka  esiphambaweni uNkulunkulu wenza ukuba emhlabeni kube nesizwe esingasoleki kuye.U Jesu Kristu wasolwa wabekwa icala ukuze thina  singabi nacala kuNkulunkulu. Icala lethu liphelile.Noma kubantu sibukeka simacalacala kodwa kuNkulunkulu siyisizwe esingasoleki ngenxa ka Kristu.

UMphostoli uPawulu  ubhala incwadi yabase Efesu isahluko sokuqala  ukuze Thinasonke siyiBandla siziqonde ukuthi singobani kuKristu

Ephesians 1:3

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,

Ephesians 1: 4-6

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;

Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu  sihlengiwe ngegazi lika Jesu Kristu Ukuhlengwa kukhuluma ngokuthenga inkululeko yomuntu, ukukhokha isihlengo. Intengo yezono zethu, inkokhelo yokusithenga ekulahlweni okuphakade, yakhokhwa ngokugcwele ngegazi likaKristu. KuKristu, asisezona izigqila zesono, kodwa siba yizigqila zikaNkulunkulu. Njengoba sithengiwe futhi sikhokhelwa ngegazi laKhe, sinesibopho sokukhazimulisa uNkulunkulu emzimbeni nasemoyeni wethu (1 Korinte 6:20).

Ivesi 7 lichaza nesibusiso sesihlanu, ukuthethelelwa kwezono. Kuhlobene kakhulu nokuhlengwa, kodwa kubheka olunye uhlangothi lwemali. Ekukhokheni isihlengo sezono zethu, isikweletu sesono sasulwa, futhi sathethelelwa. Asisenawo umthwalo wecala ngokwephula imithetho engcwele kaNkulunkulu.

Ephisians 2:1-3

Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.

kuya emadodaneni amukelwe kuKristu

Ephesians 1:5

wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Uchaza ukuthi abakholwayo babusiswa ( already blessed ) ngazo zonke izibusiso ezingokomoya ezulwini kuKristu

Ephesians 1:3

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,

bese ekhombisa indlela uNkulunkulu asifeza ngayo leso sibusiso kulabo abakholwe kuKristu

Ephesians 2:8-9

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

Okokuqala, uPawulu wenza isitatimende esimangalisayo sokuthi uNkulunkulu wasikhetha ngaphambi kokusekelwa kwezwe

Ephesians 1:4

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;

UNkulunkulu uBaba “wasikhetha kuKristu ngaphambi kokudalwa kwezwe ukuba sibe ngcwele futhi singabi nasici emehlweni akhe”

Ephisians 1:4

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;

UBaba “ngothando . . . wasimisela ( we were chosen before we were born even before the foundation of the world ) kusengaphambili ukuba sibe ngamadodana ngoJesu Kristu, ngokuvumelana nentando yakhe”

Ephesians 1:4-5

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Nakuba imibono yokukhetha (ukukhetha) kanye nokumiselwa kusengaphambili ingaba yinto edidayo, ifundiswa ngokungangabazeki nguPawulu. Amakholwa akhethwa noma abangelwa ukuba akhethwe ngaphambi kokusekelwa kwezwe. Ngamanye amazwi, lokhu kuzimisela kukaNkulunkulu kwenzeka ngaphambi kokuba umhlaba udalwe. UPawulu impela uyaqinisekisa ukuthi lesisibusiso  kumuntu ozelwe ngowesifazane usithola  mahala ngokukholwa nguJesu Kristu.Asiveli ngokwenziwa ngumuntu ngokwakhe.Isibusiso sokusindiswa asithengwa.Asigwazelwa.Singumusa ocela Ku Nkulunkulu ngoba enothando ngathi.Sithandiwe.Kwaqala ngokukhetha kukaNkulunkulu, futhi kubonisa ukuthi uNkulunkulu uyisisekelo sesibusiso sokholwayo, hhayi izimfanelo ( merits ) zomuntu .

Ukukhetha kukaNkulunkulu kusho ukuthi okholwa nguJesu Kristu akanalutho oluphathelene nensindiso yakhe: ngisho nokholo lokholwayo ngokwalo luyisipho ezivela kuNkulunkulu .Thina asikwazi ukuqhoshela abangakholwa ngoba nathi asenzanga lutho ukuze sisindiswa.Ngomusa sisindisiwe.Ngemuva Ukukhetha kukaNkulunkulu kwakusekelwe olwazini lukaNkulunkulu ngalokho okholwayo ayezokukhetha.  UPawulu uthi uNkulunkulu wasikhetha ngaphambi kokusekelwa kwezwe

Efesu 1:4

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;
Uthando lika Nkulunkulu lwenza ukuba kuthi Thinasonke siyi Bandla likaNkulunkulu asikhethele kuye.Akuthina esikhetha  uNkulunkulu kodwa nguye owakhetha thina umhlaba ungakabibikho ngoba esithanda.Ukuba uthi esikhetha uNkulunkulu ngabe siyahluleka ngenhla yesono.Singubani thina ukuba sikwazi ukuzinqumela ukuthi sikhetha muphi uNkulunkulu bengaka.UNkulunkulu  wabona ukuthi thina kuzosahlula ukukhetha uNkulunkulu okufanele simkhonze.Thina samukela ukukhethwa ngu Nkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu.

John 3:16

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

2356790)+_£#’!?/(-£#35789//(&#*;!))-_#25789)-£*!!!*°}∆÷•|`°=[[

Romans 8:29

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

  Ukukhetha kukaNkulunkulu “kungokwenhloso yentando Yakhe”

Ephesians 1:5

wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

Inhloso Ka Nkulunkulu ingokwesinqumo Sakhe

Roma 9:11

ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,

Ukusikhetha ngokwentando Ka Nkulunkulu akusekelwe kulokho esingase sikwenze noma esingase singakwenzi. Ngesikhathi esifanayo, sisindisiwe ngomusa ngokholo

Ephisians 2:8

futhi ukholo luyadingeka.

Isibusiso sokomoya yisibusiso sokuqala esisinikwa ngu Nkulunkulu mahala ngoku kholwa nje ngu Jesu. Kristu.Zonke ezinye izibusiso ziyalandela.

Ukukholwa nguJesu Kristu kuyisisekelo sokwamukela izibusiso ezivela kuNkulunkulu, njengoba kungaYe uJesu Kristu lapho abakholwayo bethola khona ukufinyelela ezibusisweni zonke ezingokomoya kanye nomusa kaNkulunkulu. Lokhu kuhlanganisa konke kusukela efeni elingokomoya kuya elungelweni lokuphila okuphakade eliqhubekayo esilinikwa nguNkulunkulu : Insindiso ngo Kristu.

Siyazi ngokweZwi lika Nkulunkulu ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu omuhle othanda ukubusisa abantwana Bakhe

Matthew 7:11

Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.

Uma iBhayibheli likhuluma ngomuntu omubi lisho umuntu ongazani ne Nkosi u Jesu Kristu.

UJesu Kristu usifica sibabi. Ngokukholwa nguye asiguqule asenze sibe bahle kuNkulunkulu.Khumbula ukuthi lendaba yobuhle eBhayibhelini isho  ubuhle noma ububi ku Nkulunkulu.Ngingaba muhle kuwe kodwa ngibe mubi ku Nkulunkulu.Ngingaba mubi kuwe kodwa ngibe muhle ku Nkulunkulu.

 UNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zethu, amakhono ethu, kanye nalokho okuseduze nathi.

Ngakho ke uma ekhetha ukungasibusisi endaweni ethile, lokho kungaba yisibusiso ngokwako.

UJehova uyazi yena ukuthi kungani ekhethe ukungasibusisi kuleyo ndawo.

1. Awukasiceli isibusiso sakho

Kaningi siphatheka kabi ukuthi uNkulunkulu akasinikanga lokho esikudingayo.Inkinga yethu ukuthi  asiziniki isikhathi esanele sokucela kuye lokho esikudingayo .Impela, uNkulunkulu uyazazi izidingo zethu. Kodwa ufuna ukubona sakha ubuhlobo nobudlelwane obuhle phakathi kwethu naye . uNkulunkulu ufuna   ukusibona siza kuye engubaba wethu .Masize kuye ngentobeko sikholwa ukuthi esikucelayo sinakho ngokukholwa ngu Jesu Kristu

IZwi likaNkulunkulu lithi

“Aninalutho ngoba aniceli kuNkulunkulu

James 4:2

Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;

  UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe wathi kubo:

“Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami. Celani niyokwamukela, futhi injabulo yenu iyophelela”

 Johane 16:24

Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

 Kusukela manje kuya lena qala ukucela izibusiso zakho ku Nkulunkulu. Musa ukucela izinto zakho kuNkulunkulu kodwa cela izibusiso zakho kuNkulunkulu.Uzibale ngazinye ukuze noma usubonga ku Nkulunkulu ukwazi ukuzibala ngazinye izibusiso zakho

 

2.Awukaceli ngokukholwa wukuthi akukho okungenzeke kuNkulunkulu

Uma ucela kuNkulunkulu kufanele wazi ukuthi

  1. UNkulunkulu unamndla onke okukwenzeka okucelayo
  2. Unolwazi lonke.

Ayikho into emahlulayo. Konke angakwenza uma ethanda.

 

Luke 1:37

 

Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”

 

Uma ucela izibusiso kuNkulunkulu futhi engakaphenduli lowo mthandazo, kungenzeka ukuthi awuceli ngokukholwa ( by faith ) ,ukholwa ngempela ukuthi uNkulunkulu uzokuphendula.  UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe wathi:

 “Noma yini eniyicelayo emthandazweni, niyoyamukela, uma nikholwa

Matthew 21:22

nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

Noma yini eniyicelayo emthandazweni, kholwani ukuthi niyitholile, futhi izoba ngeyakho”

Mark 11:24

Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

Konke kungenzeka kumuntu okholwayo

 

Marku 9:23

UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

 

Uma unenkinga yokungakholwa ,cele uNkulunkulu ukuba akusize  akuphe ukukholwa. UJesu wahlonipha ubuqotho bendoda ecelayo :

“ngisize nginqobe ukungakholwa kwami!”

 Marku 9:24

Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

134679)(&_#©™✓[]{®©#_-+))0864313578⁹(-_#©™[[

 

 

 

3. Ucela ngezisusa ezingalungile.

 

 

Wake wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engayiphenduli imithandazo yabantu ukuze awine ilotho? UJakobe 4:3 usinika ukuqonda: “Uma ucela, awemukeli, ngoba ucela ngezisusa ezingalungile, ukuze uchithe lokho okutholayo ezinjabulweni zakho.”

 

Zama ukucela izibusiso kuNkulunkulu ezizokusiza ubusise abanye.  Noma zama ukumcela ukuba abusise abanye kuqala, kunokuba abusise wena. IHubo 37:4 lithi, “Zithokozise eNkosini futhi izokunika izifiso zenhliziyo yakho.” Uma eyisifiso sakho nentokozo yakho, kuyojabulisa inhliziyo Yakhe ukunikeza izifiso zakho.

Leave a comment